Isitifikedi sokugnenisa ngaphakathi kwezwe sidigneka lapho ungenisa imikhiqizo yotshwala eNingizimu Afrika. Isitifikedi sokungenisa noma ikhophi kuzodingeka ngaphambi kokuba kukhululwe umthwalo echwebeni lokungenisa.
Ongenisa ngaphakathi wenza isicelo sesitifikedi sokungenisa kanye kumkhiqizo. Ngemuva kwalokho, isitifikedi sokungenisa singasetshenziswa, inqaba nje uma kungashintshanga inhlanganisela , okungaphakathi, usayizi webhodlela, kanye nelebuli yalowo mkhiqizo.
Isitifikedi sokungenisa sizodingeka kwimikhiqizo enotshwala obungaphezulu kwephesenti elilodwa, obungeniswa ngenhloso yokuphuzwa, kanti buyingxenye yomthwalo womuntu siqu, ofika eNingizimu Afrika, kodwa uma ngabe lowo mkhiqizo uma uphelele ungeqi amalitha angu-12 ngevolumu kanti futhi ulethelwe inhloso yokuziphuzela nje kwalowo muntu, yena, nomndeni wakhe kanye nabavakashi bakhe abangabuthengi lobo tshwala.
Gcwalisa ifomu lesicelo.
Kwisimo sokungeniswa kwebhodlela, kumele ufakele isampuli kwibhodlela elinelebuli, ethengiswa ngalo.
Fakela isampuli yotshwala obungeniswa bubuningi ngebhodlela elivamile le-750ml.
Kobungeniswa bubuningi, kuzohlolwa okungenayo. Ilabuli ihlolwa lapho wenza isicelo semvume yokuthengisa isitifikedi.
Abe-division kumele bakhokhelwe , ngaphambi kokuba bakhiphe isitifikedi sokungenisa ngaphakathi ezweni.
Asikho isikhathi esibekiwe esinqunyiwe sale sevisi.
